2 AmaKhosi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25

0:00
0:00

Isahluko 7

1 Wayesethi u-Elisha: “Zwanini izwi likaJehova; usho kanje uJehova, uthi: ‘Kusasa ngalesi sikhathi iseya lempuphu ecolekileyo liyakuthengiswa ngeshekeli, namaseya amabili ebhali ngeshekeli esangweni laseSamariya.’ ”
2 Induna inkosi eyencika esandleni sayo yaphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: “Bheka, uma uJehova enza amafasitele ezulwini, le nto ingenzeka kanjani na?” Wathi: “Bheka, uyakukubona ngamehlo akho, ungadli kukho kodwa.”
3 Kwakukhona esikhaleni sesango abantu abane abanochoko; bathi omunye komunye: “Sihlalelani lapha size sife na?
4 Uma sithi: ‘Siyakungena emzini,’ indlala isemzini, siyakufela khona; uma sihlezi lapha, siyakufa futhi. Ngalokho masihambe sisukele ikamu lama-Aramu; uma esiyeka, siyakuphila; uma esibulala, siyakufa.”
5 Basuka kuhwelela, baya ekamu lama-Aramu; sebefike emaphethelweni ekamu lama-Aramu, bheka, kwakungekho muntu lapho.
6 INkosi ibiyizwisile impi yama-Aramu umsindo wezinqola, nomsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu aze akhuluma omunye komunye ngokuthi: “Bheka, inkosi yakwa-Israyeli isiqashele amakhosi amaHeti namakhosi aseGibithe ukuba asifikele.”
7 Ayesesuka, abaleka kuhwelela, ashiya amatende awo, namahhashi awo, nezimbongolo zawo, nekamu linjengalokhu linjalo, abaleka ukuba asinde.
8 Labo abanochoko sebefike emaphethelweni ekamu, bangena kwelinye itende, badla, baphuza, basusa khona isiliva, negolide, nezingubo, baya bakuthukusa; babuya, bangena kwelinye itende, basusa nakhona, baya bakuthukusa.
9 Base bethi omunye komunye: “Asenzi kahle. Lolu suku lwanamuhla lungusuku lwentokozo; uma sithula nje silinda kuze kube sekuntweleni kokusa, siyakuficwa yicala; ngalokho masihambe, sitshele indlu yenkosi.”
10 Base behamba, babiza abalindisango bomuzi, babatshela ukuthi: “Sike safika ekamu lama-Aramu; bheka, kwakungekho muntu lapho, nazwi lomuntu, kuphela ngamahhashi aboshiweyo, nezimbongolo eziboshiweyo, namatende enjengalokhu enjalo.”
11 Abalindisango bamemeza, babikela indlu yenkosi ngaphakathi.
12 Inkosi yavuka phakathi kobusuku, yathi ezincekwini zayo: “Ake nginitshele lokhu ama-Aramu asenzela khona. Ayazi ukuthi silambile; ngalokho aphumile ekamu ukuba acashe, ethi: ‘Lapho bephuma emzini, siyakubabamba besezwa, singene emzini.’ ”
13 Enye yezinceku zayo yaphendula yathi: “Makuthathwe amahhashi ayisihlanu aseleyo, asele lapha bheka, anjengesixuku sonke sakwa-Israyeli esisele lapha, anjengesixuku sonke sakwa-Israyeli esesiphelile sithumele, sibone.”
14 Bathatha izinqola ezimbili namahhashi; inkosi yathumela emva kwempi yama-Aramu ngokuthi: “Hambani nibone.”
15 Bawalandela baze bafika eJordani; bheka, yonke indlela yayigcwele izingubo nezimpahla ama-Aramu ayezilahlile ekubalekeni kwawo. Izithunywa zabuya, zayitshela inkosi.
16 Abantu baphuma, baphanga ikamu lama-Aramu. Iseya lempuphu ecolekileyo lathengiswa ngeshekeli, namaseya amabili ebhali ngeshekeli njengezwi likaJehova.
17 Inkosi yabeka esangweni induna eyencika esandleni sayo; abantu bayinyathela esangweni, yafa njengokusho kwalowo muntu kaNkulunkulu akukhuluma ekwehleleni kwenkosi kuye.
18 Kwathi lowo muntu kaNkulunkulu esekhulumile enkosini ngokuthi: “Kuyakuba ngamaseya amabili ebhali ngeshekeli neseya lempuphu ecolekileyo ngeshekeli ngalesi sikhathi kusasa esangweni laseSamariya,”
19 induna yaphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: “Bheka, noma uJehova ewenza amafasitele ezulwini, le nto ingenzeka na?” Wathi: “Bheka, uyakukubona ngamehlo akho, ungadli kukho kodwa.”
20 Kwaba njalo kuyo: abantu bayinyathela esangweni, yafa.