Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 29

1 UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi:
2 “Sengathi nga nginjengasezinyangeni zakuqala, njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo,
3 lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,
4 yebo, njengasezinsukwini zokuvuthwa kwami, lapho ubuhlobo bukaNkulunkulu babuphezu kwetende lami;
5 lapho uSomandla wabe esenami, nabantwana bami babe besangizungeza;
6 lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga, nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha.
7 “Lapho ngaphuma ngaya esangweni ngasemzini, ngalungisa isihlalo sami esigcawini,
8 izinsizwa zangibona, zacasha, nezimpunga zasuka zema,
9 izikhulu zayeka ukukhuluma, zabeka izandla emilonyeni yazo;
10 izwi labakhulu lathuliswa; izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo.
11 Lapho indlebe yangizwa, yangibusisa, nalapho iso langibona, langifakazela.
12 Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo kanye nentandane engenamsizi.
13 Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami; ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.
14 Ngembatha ukulunga, kwaba yisambatho kimi; ukwahlulelwa kwami kwakunjengengubo nomqhele kimi.
15 Ngaba ngamehlo ezimpumputhe nezinyawo zezinyonga.
16 Nganginguyise wabampofu; indaba yengingamaziyo ngayiphenya.
17 Ngaphula imihlathi yowonayo, ngahlwitha impango emazinyweni akhe.
18 “Ngase ngithi: ‘Ngiyakufa esidlekeni sami, ngandise izinsuku zami zibe ngangesihlabathi.
19 Impande yami iyazivulela amanzi; amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami;
20 udumo lwami lusha njalo kimi, umnsalo wami wenziwa musha esandleni sami.’
21 “Abantu bangilalela belinda; bathula ngesiluleko sami.
22 Emva kwamazwi ami ababe besakhuluma; amazwi ami aconsela phezu kwabo.
23 Bangilindela njengemvula; bangikhamisela imilomo yabo njengokukhamisela imvula yamuva.
24 Ngabahleka bengenakukholwa; ukukhanya kobuso bami kabakufiphazanga.
25 Uma ngangikhethile izindlela zabo, ngangiyakuhlala emqoka, ngahlalisa okwenkosi empini, njengoduduza abalilayo.