IsiLilo

Isahluko:1 2 3 4 5

0:00
0:00

Isahluko 3

1 Ngingumuntu obone ukuhlupheka ngentonga yentukuthelo yakhe.
2 Ungiholile, wangihambisa ebumnyameni, kungesikho ekukhanyeni.
3 Impela uyangiphendulela isandla sakhe ephinda njalo zonke izinsuku.
4 Ugugisile inyama yami nesikhumba sami, waphula amathambo ami.
5 Ungakhele, wangihaqa ngenyongo nangokushikashikeka.
6 Ungihlalisile ebumnyameni njengabakade bafa.
7 Ungibiyele ukuze ngingaphumi, wenza amaketanga ami ukuba asinde.
8 Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa, uyavalela umkhuleko wami.
9 Ubiyele izindlela zami ngamatshe abaziweyo, wagwegwisa imikhondo yami.
10 Ukimi njengebhere eliqamekelayo nengonyama ezindaweni ezisithekileyo.
11 Wachezukisa izindlela zami, wangidwengula, wangenza incithakalo.
12 Wansala umnsalo wakhe, wangimisa ngibe yisigcibisholo somcibisholo.
13 Wahlaba izinso zami ngemicibisholo yesambo sakhe.
14 Sengingohlekwayo kubantu bonke, ngihaywa usuku lonke.
15 Wangisuthisa ngokubabayo, wangigcwalisa ngomhlonyane.
16 Waphula amazinyo ami ngohlalwane, wangembesa umlotha.
17 Walahla kude nokuthula umphefumulo wami, ngakhohlwa inhlanhla.
18 Ngathi: “Amandla ami nethemba lami kuJehova kuphelile.”
19 Khumbula ukuhlupheka kwami nosizi lwami, umhlonyane nenyongo.
20 Umphefumulo wami uyakukhumbula nokukukhumbula, uthobile phakathi kwami.
21 Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami, ngalokho nginethemba:
22 ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli.
23 Busha ekuseni njalo; ukuthembeka kwakho kukhulu.
24 UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngakho ngiyakwethemba kuye.
25 UJehova muhle kwabamethembayo, kumphefumulo omfunayo.
26 Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthula ukusindisa kukaJehova.
27 Kuhle kumuntu ukuba athwale ijoka ebusheni bakhe.
28 Makahlale yedwa, athule, lapho emthwesa lona.
29 Makabeke umlomo wakhe othulini; mhlawumbe kungaba khona ithemba.
30 Makanike isihlathi sakhe komshayayo, asuthe ngenhlamba.
31 Ngokuba uJehova akayikulahla kuze kube phakade.
32 Ngokuba noma edabukisile, uyakuhawukela nokho ngokobukhulu bomusa wakhe.
33 Ngokuba akahluphi, angadabukisi abantwana babantu ngenxa yokuba ekuthanda.
34 Ukuphahlaza phansi kwezinyawo zonke iziboshwa zasemhlabeni,
35 nokuchezukisa imfanelo yomuntu phambi kobuso boPhezukonke,
36 nokona umuntu ecaleni lakhe, iNkosi ayikuboni lokhu na?
37 Kwasho ubani, kwenzakala, iNkosi ingakuyalelanga, na?
38 Akuphumi okuhle nokubi emlonyeni woPhezukonke na?
39 Ukhononelani umuntu ophilayo, umuntu ojeziswa ngezono zakhe, na?
40 Masiphenye, sicinge izindlela zethu, sibuyele kuJehova.
41 Masiphakamise izinhliziyo zethu kanye nezandla zethu kuNkulunkulu ezulwini.
42 Siphambukile, sahlubuka; wena awukuyekelanga.
43 Wazembesa ulaka, wasixosha, wabulala, ungahawukelanga.
44 Wazembesa ifu, ukuze imikhuleko yethu ingafinyeleli.
45 Usenze umphucuzo nemfucumfucu phakathi kwabantu.
46 Zonke izitha zethu zisikhamisele imilomo yazo.
47 Uvalo nomgodi kusehlele, ukubhujiswa nokuchithwa.
48 Iso lami liyamululeka imifula yamanzi ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.
49 Iso lami liyamululeka, alinqamuki; akukho ukukhawuka,
50 aze abheke uJehova, abone esezulwini.
51 Iso lami lenza umphefumulo wami ube buhlungu ngenxa yawo onke amadodakazi omuzi wakithi.
52 Abayizitha zami ngeze bangizingele nokungizingela njengenyoni.
53 Banqume ukuphila kwami emgodini, bangiphonsa ngetshe.
54 Amanzi aminzisa ikhanda lami. Ngathi: “Nginqunyiwe.”
55 Ngalibiza igama lakho, Jehova, ngisemgodini phansi.
56 Wezwa izwi lami; ungasithezi indlebe yakho lapho ngikhalela ukusizwa.
57 Wasondela ngosuku lokubiza kwami, wathi: “Ungesabi.”
58 Nkosi, umela indaba yomphefumulo wami, uyahlenga ukuphila kwami.
59 Jehova, uyabona ukoniwa kwami; thetha indaba yami.
60 Uyabona konke ukuphindisa kwabo nawo onke amacebo abo ngami.
61 Uyezwa inhlamba yabo, Jehova, nawo onke amacebo abo ngami,
62 izindebe zabangivukeleyo nemicabango yabo ngami izinsuku zonke.
63 Bheka ukuhlala kwabo nokuvuka kwabo; ngihaywa yibo.
64 Uyakubaphindisela, Jehova, ngokwemisebenzi yezandla zabo.
65 Uyakubanika isimbozo senhliziyo, isiqalekiso sakho sibe phezu kwabo.
66 Uyakubaxosha ngentukuthelo, ubabhubhise, bangabe besaba khona phansi kwezulu likaJehova.