Hezekeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 32

1 Kwathi ngomnyaka weshumi nambili, ngenyanga yeshumi nambili, ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngoFaro inkosi yaseGibithe, uthi kuye: “ ‘Wazifanisa nebhongo lengonyama phakathi kwezizwe, kepha unjengodrako elwandle, lapho ufohlela emifudlaneni yakho, unyakazisa amanzi ngasezinyaweni zakho, udunga izikhukhula zawo.
3 “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngiyakweneka inetha lami phezu kwakho ngesixuku sabantu abaningi, bakukhuphule ngenetha lami.
4 Ngiyakukuphonsa emhlabathini, ngikuntshinge endle, ngihlalise phezu kwakho zonke izinyoni zezulu, ngisuthise zonke izilwane zomhlaba ngawe.
5 Ngiyakubeka inyama yakho ezintabeni, ngigcwalise izigodi ngezidumbu zakho.
6 Ngiyakuliminzisa izwe lokukhukhula kwakho ngegazi lakho kuze kube sezintabeni, imifudlana igcwale ngawe.
7 Lapho ngikucisha, ngiyakusibekela izulu, ngenze mnyama izinkanyezi, ngimboze ilanga ngefu, inyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.
8 Ngiyakwenza mnyama phezu kwakho zonke izinkanyiso zezulu ezikhanyayo, ngibeke ubumnyama ezweni lakho, isho iNkosi uJehova.
9 Ngiyakukhathaza izinhliziyo zabantu abaningi, lapho sengiletha ukwaphulwa kwakho ezizweni emazweni ongawazanga.
10 Ngiyakwenza ukuba abantu abaningi bamangale ngawe, amakhosi abo aqhakanyeke, lapho ngisikaza ngenkemba phambi kwawo, aqhaqhazele imizuzwana yonke, kube yileyo naleyo ngokuphila kwayo ngosuku lokuwa kwakho.
11 “ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Inkemba yenkosi yaseBabele iyakukwehlela.
12 Ngezinkemba zamaqhawe ngiyakuwisa isixuku sakho, bonke bengabesabekayo bezizwe; bayakuchitha ukuziphakamisa kweGibithe, sonke isixuku salo sichitheke.
13 Ngiyakuqothula zonke izinkomo zalo ezingasemanzini amaningi, angabe esanyakaziswa lunyawo lomuntu, anganyakaziswa yizinselo zezinkomo.
14 Ngiyakwenza ukuba amanzi abo abohle, ngihambise imifula yabo njengamafutha, isho iNkosi uJehova.
15 Lapho ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo nehlane, izwe elingasenokugcwala kwalo, lapho ngibulala bonke abakhe kulo, khona bayakwazi ukuthi nginguJehova.’
16 “Lokhu kuyisililo abayakulila ngaso; amadodakazi ezizwe ayakulilisela ngaso, alilele iGibithe nesixuku salo ngaso, isho iNkosi uJehova.”
17 Kwathi ngomnyaka weshumi nambili, ngolweshumi nanhlanu lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
18 “Ndodana yomuntu, khalela isixuku saseGibithe, usehlisele ezindaweni eziphansi komhlaba, sona namadodakazi ezizwe ezidumileyo, kanye nabehlela egodini.
19 Udlula bani ngobuhle na? Yehla, ulaliswe phakathi kwabangasokile.
20 Bayakuwa phakathi kwabagwazwe ngenkemba; linikelwe enkembeni; lihuduleni nazo zonke izixuku zalo.
21 Abanamandla bamaqhawe bayakukhuluma ngalo nangabasizi balo, bephakathi kwendawo yabafileyo, bathi: ‘Sebehlile, sebelele abangasokile, bebulewe ngenkemba.’
22 “Lapho kukhona i-Asiriya neviyo lalo lonke, amathuna alo engakulo nxazonke, bonke bebulewe bewe ngenkemba,
23 amathuna alo engaphakathi kwegodi, iviyo lalo lizungeza ithuna nxazonke, bonke balo bebulewe bewe ngenkemba, labo ababebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo.
24 “Lapho kukhona i-Elamu nesixuku sonke salo nxazonke zethuna, bebulewe bonke bewe ngenkemba, abehlele ezindaweni eziphansi komhlaba bengasokile, ababebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo; sebethwala amahloni abo kanye nabehlela egodini.
25 Phakathi kwabagwaziweyo balibekele umbhede kanye naso sonke isixuku salo, amathuna aso engakulo nxazonke, bonke balo bengabangasokile, bebulewe ngenkemba, ngokuba kwabangwa ukuba besatshwe ezweni labaphilayo; sebethwala amahloni abo kanye nabehlela egodini; yebo, libekiwe phakathi kwababuleweyo.
26 “Lapho kukhona oMesheke noThubali naso sonke isixuku sabo, amathuna abo engakubo nxazonke, bonke babo bengabangasokile, bebulewe ngenkemba, ngokuba babebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo.
27 Laba babangasokile abawileyo abayikulala namaqhawe ehlela endaweni yabafileyo enezikhali zawo zokulwa, abekwa izinkemba zawo phansi kwamakhanda, nezihlangu zawo ziphezu kwamathambo awo, ngokuba besabisa amaqhawe ezweni labaphilayo.
28 “Nawe uyakwaphulwa phakathi kwabangasokile, ulale nababulewe ngenkemba.
29 “Lapho kukhona u-Edomi, amakhosi akhe nazo zonke izikhulu zakhe, abathe nakuba bebe nobuqhawe babekwa nababulewe ngenkemba; bayakulala nabangasokile nabehlela egodini.
30 “Lapho kukhona izikhulu zasenyakatho, zonke zazo, nabo bonke abaseSidoni, abehlile nabagwaziweyo; nakuba bebesatshwa ngenxa yobuqhawe babo, sebejabhile, balele bengasokile nababulewe ngenkemba, bethwala amahloni kanye nabehlela egodini.
31 “UFaro uyakubabona, aduduzeke ngaso sonke isixuku sakhe; ubulewe ngenkemba uFaro nayo yonke impi yakhe, isho iNkosi uJehova.
32 Ngenza ukuba esatshwe ezweni labaphilayo, kepha useyakulaliswa uFaro naso sonke isixuku sakhe phakathi kwabangasokile nababulewe ngenkemba, isho iNkosi uJehova.”