Hezekeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 35

1 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngasentabeni yaseSeyiri, uprofethe ngayo,
3 uthi kuyo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe ntaba yaseSeyiri; ngiyakwelulela kuwe isandla sami, ngikwenze incithakalo nokuyize.
4 Ngiyakwenza imizi yakho ibe yihlane, wena ube yincithakalo, wazi ukuthi nginguJehova.
5 “ ‘Ngokuba unobutha obuphakade, futhi unikele abantwana bakwa-Israyeli osikweni lwenkemba ngesikhathi sesigemegeme sabo, ngesikhathi sokuphela kokubi,
6 ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza ube yigazi, igazi likuxoshe; ngokuba ungazondanga igazi, igazi liyakukulandela.
7 Ngiyakwenza intaba yaseSeyiri ibe yincithakalo nokuyize, nginqume kuyo odlulayo nobuyayo.
8 Ngiyakugcwalisa izintaba zayo ngababuleweyo bayo, abagwazwe ngenkemba bawa emagqumeni akho, nasezigodini zakho, nakuyo yonke imifula yakho.
9 Ngiyakukwenza incithakalo ephakade, imizi yakho ingabe isahlalwa, nazi ukuthi nginguJehova.
10 “ ‘Ngokuba wathi: “Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, sidle ifa lakho,” noma uJehova ebelapho,
11 ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza njengolaka lwakho nanjengomhawu wakho obafele wona ngokubazonda kwakho, ngizazise kubo, lapho ngikwahlulela.
12 Uyakwazi ukuthi nginguJehova; ngizwile zonke izithuko zakho ozikhulume ngezintaba zakwa-Israyeli ngokuthi: “Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle.”
13 Nizikhulisile kimi ngomlomo wenu, nandisile amazwi enu kimi; mina ngiwezwile.
14 Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho uthokoza umhlaba wonke, ngiyakukwenza incithakalo.
15 Njengokuthokoza kwakho ngefa lendlu yakwa-Israyeli, ngokuba ibiyincithakalo, kanjalo ngiyakwenza kuwe: uyakuba yincithakalo, ntaba yaseSeyiri, naye wonke u-Edomi, yebo, wonke wakhe, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”